“URuthe noNawomi,” Friend (Umngani), Sept. 2026, 46–48.
UMyalezo waNyanga zonke wephephabhuku elithi Umngani, ngoSepthemba 2026
URuthe noNawomi
Umndeni kaNawomi wawuhlala kwaJuda. Babengenakho ukudla okwanele ngenxa yendlala, ngakho bathuthela kwaMowabi.
EMowabi, umyeni kaNawomi washona futhi amadodana akhe ashada nabesifazane abango-Orpa noRuthe. Bamnakekela uNawomi iminyaka eyishumi. Kodwa abayeni ba-Orpa noRuthe bafa. Manje laba besifazane base besele bodwa.
U-Orpa wabuyela ekhaya. Kodwa uRuthe wayefuna ukuhlala anakekele uNawomi. URuthe noNawomi bezwa ukuthi izwe lakwaJuda lase linezitshalo futhi, ngakho-ke baya khona.
Bafika ngesikhathi sokuvuna. Isihlobo sikaNawomi uBowazi sasinamasimu. Sadedela uRuthe ukuba athathe imifino eyayisasele. Kwakungumsebenzi onzima.
UBowazi wayemhlonipha uRuthe ngoba wayesebenza kanzima futhi ethembekile kuNawomi naseNkosini.
URuthe wacela uBowazi ukuba amshade. UBowazi wayazi ukuthi uRuthe wayengowesifazane othembekile futhi onesimilo esihle Wavuma.
URuthe noBowazi bashada futhi baba nomntwana womfana. Eminyakeni eminingi eyalandela, uJesu Kristu wazalwa emndenini waloluzalo.
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngenxa kaJesu Kristu, Ngingaphenduka futhi NgiHlanzeke
Imifanekiso yenziwe ngu-Audrey Day. Ingakopishwa ukuze isetshenziswe eBandleni kuphela.
Yini ekusiza ukuthi ukhumbule ukwenza izinqumo ezinhle?
© 2026 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, September 2026. Zulu. 20073 783