Ngo-2022
Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni
NgoJanuwari 2022


“Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni,” Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJanuwari 2022

“Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni”

UMyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJanuwari 2022

Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni

Isithombe
UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu emhlabeni wemimoya owandulela owasemhlabeni

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Ngaphambi kokuba sizalwe, sasihlala ezulwini noBaba wethu oseZulwini. Wasifundisa ngesu Lakhe lentokozo.

Isithombe
umfana ekhala, intombazane nebhola lezinyawo

UBaba oseZulwini wathi sizokuza emhlabeni sizothola imizimba. Sasizofunda futhi sikhethe phakathi kokuthile. Ngezinye izikhathi sasizokwenza amaphutha. Sasizodinga uMsindisi.

Isithombe
intombazane ephethe ibhola iduduza umfana okhalayo

UMsindisi wayezositshengisa ukuthi kufanele siphile kanjani. Futhi lapho sikhetha khona okungalungile, sasizokwazi ukuphenduka.

Isithombe
uJesu Kristu ngesikhathi esandulela esasemhlabeni

UJesu wathi, “Ngilapha, thuma mina.” UBaba oseZulwini wakhetha Yena ukuthi abe nguMsindisi wethu. UJesu wathembisa ukuza emhlabeni ukuze asisindise.

Isithombe
uBaba oseZulwini noJesu Kristu embusweni wesilestiyali

Ngingamlandela uJesu. Ngelinye ilanga ngingakwazi ukubuyela emuva ngiyophila noBaba oseZulwini.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingumntwana kaNkulunkulu

Isithombe
abantwana bebuka izinkanyezi

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Uluzwa kanjani uthando lukaBaba oseZulwini na?